Incwadi Yobungani – isiZulu
Izakhiwo Nezimpawu Zencwadi Yobungani
Iyini Incwadi Yobungani
Incwadi yobungani Iyincwadi ebhalwa abantu abasondelene ngokwegazi noma ngokomoya.
Incwadi yobungani iba nekheli elilodwa, lalowo oyibhalayo lihambisana nosuku olubhalwe ngokugcwele. Akusetshenziswe igama lenyanga lesiZulu noma lesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu. Kusetshenziswa isibingelelo sobungani, ungambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo. Le ncwadi iba nesingeniso umzimba kanye nesiphetho. Njengoba kuyincwadi yobungani, oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile. Yize ibhalwa
Isakhiwo Sencwadi Yobungani
Iwuhlobo lwencwadi olunalezi zimpawu:
Ikheli
- Lapha sibheke ikheli, isibingelelo, kanye nesiphetho.
- Ikheli lobhalayo maliqale maphakathi nephepha phezulu.
- Ikheli libhalwa ngesiNgisi, hhayi ngesihumusho sesiZulu.
- Ikheli malibhalwe lehliswe, lingatsheki.
- Azifakwa izimpawu zokubhala ngaphandle kwasemagameni afinyeziwe, njengokuthi:
- P. O. (Post Office).
- Ikheli ligcina ngeposikhodi.
Izindlela eziyizo zokubhala usuku:
- 20 Kueyi 2012
- 20 KuNhlaba 2012
Qaphela: Uma sekubhalwe ikheli nosuku, kwegiwa umugqa.
Isibingelelo
- Isibingelelo asihambisane nalo muntu obingelelwayo.
Izibonelo:- Uma ubhalela ubaba wakho: Baba noma umthophe (ex. Nyambose).
- Uma ubhalela isihlobo sakho: Malume, Mfowethu, Mama, Dadewethu, njll.
- Uma ubhalela umngani:
- Biza ngegama: Bongani.
- Ungamthopha ngesithakazelo: Mnguni (noma kungavamile kubantu abasebancane).
- Ungamhasha ngezihasho zakhe: Bhesen’ ongenankintsho.
- Biza ngamamagama enibizana ngawo: Mpintshi yami.
Umzimba
- Umzimba uhlukaniswe izigaba, zonke ziqala ekuqaleni komugqa.
- Yilelo nalelo phuzu elisemqoka malibe nesigaba salo.
- Amaphuzu mawalandelane kahle kusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni.
- Izigaba zihlukaniswa umugqa oshiywayo, ungabhalwa lutho.
- Izimpawu kufanele zisetshenziswe ngendlela ejwayelekile.
- Ulimi olusetshenzisiwe malube lula futhi luzwakale.
- Ulimi malube nenhlonipho, kungasetshenziswa amagama aqosheme nahlambalazayo.
Isiphetho
- Isiphetho sibhalwa ekugcineni, ngasesandleni sokunxele.
- Isiphetho sibhalwa ngesiZulu.
- Mazingabhalwa izimpawu zokuloba esiphethweni ngaphandle uma igama lobhalile ligala ngonkamisa.
Isibonelo:
Yimina umngani wakho u-Ayanda
Izakhiwo Nezimiso Zokusetshenziswa Kolimi Ngesikhathi Kubhalwa Incwadi Yobungani
Ukukhethwa Kwamagama
- Akukhethwe amagama azokwenza kugqame lokho okuhloswe ukudluliswa.
- Akusetshenziswe izinsiza nemithombolwazi (ex. isichazamazwi namathesaurasi) ukukhetha amagama anembayo nanohlonze.
- Kusetshenziswe amagama achazayo nakhanyisayo ahambisana nalokho okugondwe ukudluliswa.
Ukwakhiwa Kwemisho
- Akusetshenziswe imisho emifishane, kugwenywe ukusebenzisa izihlanganiso.
- Ukulandelana kwamagama emshweni kufanele kuzwakale kahle.
- Akusetshenziswe izingcezu zenkulumo ngendlela efanele.
- Akusetshenziswe izinhlobo ezahlukene zemisho:
- Isitatimende, Umsusho oqondile, Omagatshagatsha, njll.
Ukubhalwa Kwezigaba
- Incwadi ayihleleke ikhombise izingxenye ezahlukene zezigaba.
- Isigaba sesingeniso, umzimba, isiphetho, kanye nesivaleliso akuvele kahle.
- Akubhalwe izigaba ezahlukene kusetshenziswa izimpawu zokuloba ezifanele.
Irejista, Isitayela Nezwi
- Akusetshenziswe amagama ahambisana nezinga lomuntu obhalelwayo.
- Ulimi malukhombise ukuhlonipha nokuzithoba.
Izimpawu Zokuloba Nesipelingi
- Izimpawu zokuloba azisetshenziswe ngokufanele.
- Kusetshenziswe upelomagama olufanele.
- Akusetshenziswe izifinyezo ezifanele.
Incwadi yobungani – Isibonelo

Isibonelo sencwadi yobungani
