Imeyili iyindlela yobuchwepheshe yokuthumela imibiko, izithombe, nokunye ngendlela esheshayo kusetshenziswa amakhompyutha.

Izinzuzo Zokusebenzisa I-imeyili
- Le ndlela inhle kakhulu ngoba umuntu ukwazi ukuthumela ngisho umbhalo ongamakhasi amaningi ngesikhashana nje.
- Lapho umuntu othunyelelwe umbhalo eseqedile ukuwufunda, uyakwazi ukuwugcina ukuze aphinde awufunde esikhathini esizayo uma kuvela isidingo.
- Nalowo owuthumele uyakwazi ukugcina ubufakazi bokuthi wawuthumela umlayezo ngelanga elithile.
Isibonelo Se-imeyili
Isuka ku: mdu@yahoo.com
Iya ku: molois@edu.fs.gov.za
Isihloko: Isimemo somhlangano
Umbiko:
Amalunga omphilandawonye, Indonsa ayamenywa emhlanganweni oyoba se-Indaba Hotel zingu-1 kuMbasa 2007 ngo-17:00.
H. Mmvemve
1181 Gumede Road
Sibongile Location
Dundee
3100
Uhlelo Lomhlangano
- Ukuvula
- Ababekhona
- Izixoliso zalabo abangaphumelelanga
- Amaminithi omhlangano odlule
- Okuvuka emaminithini
- Umbiko wezimali
- Ezixubile
- Ukuvala