Inoveli iwuhlobo lwendaba exoxwa ngendlela yephrozi, lapho umlobi echaza izenzakalo, abalingiswa, nesimo sendaba ngendlela eyenza umfundi azizwe engaphakathi kuyo. Kulo mhlathi, sizoxoxa kabanzi ngokuthi iyini inoveli, izici eziyenza ibaluleke, kanye nezinhlobo ezahlukene zamanoveli ezifaka phakathi eyomlando, eyothando, eyenhlalo yabantu, kanye neyophenyo. Sizophinde sibheke isakhiwo senoveli, okuyizigaba ezintathu eziyinhloko: isingeniso, umzimba, nesiphetho, kanye nabalingiswa nokuthi umlobi ubaveza kanjani endabeni. Lokhu kuzokusiza uqonde ukuthi inoveli yakhiwa kanjani, yenzelwe ini, futhi kungani ibalulekile ekufundweni kwesiZulu.
Iyini Inoveli

Inoveli yindaba exoxwa ngendlela yephrozi. Ngokujwayelekile, kuba indaba esuka ekhanda lombhali lowo oyibhaliwe.
- Indawo, isikhathi nesimo sezinto kufanele kuvumelane, kuhambisane nendaba.
- Indaba encomekayo yileyo enomyalezo othulelwa labo abayifundayo.
- Kunezinhlobo ezahlukene zamanoveli, ezinye zazo yilezi:
- Eyomlando
- Eyothando
- Eyenhlalo yabantu
- Eyophenyo
Isakhiwo Senoveli
Isakhiwo senoveli sinezingxenye ezintathu:
(i) Isingeniso
- Kwethulwa indaba ugobo lwayo, abalingiswa kanye nesimo indaba leyo eyenzeka kuso.
- Kuba khona nenkinga umlingiswa omkhulu abhekana nayo.
(ii) Umzimba
- Lapha kwethulwa izinkinga ezingaphezu kwale etholakale ekuqaleni.
- Lezi zinkinga ziyakhula, kodwa kube sekubonakala ukuthi noma yinini zingasombululeka.
(iii) Isiphetho
- Lapha kusuke kusombululeka inkinga esukela ekuqaleni kwendaba.
- Isiphetho esihle yileso lapho umbhali ehlonipha ukucabanga koyifundayo ngokumshiya nombuzo ophathelene nokuthi indaba yaphela kanjani.
Abalingiswa
Amasu okuvezwa kwabalingiswa
- Abalingiswa ngabantu abasendabeni enovelini.
- Ukuze umuntu osendabeni abe ngumlingiswa, kumele azikhulumele noma enze okuthile endabeni.
Izindlela Zokuvezwa Kwabalingiswa
Indlela yenkulumompendulwano
- Inoveli inolimi olulandayo, kodwa kuyenzeka ukuba umlobi athi thasi ngenkulumompendulwano.
- Kule nkulumompendulwano, yilapho umlobi ethula khona umlingiswa othile.
Indlela yezembatho
- Umlobi angethula izembatho zomlingiswa bese siyazibonela ukuthi uma egqoke kanje, kusho ukuthi unjani.
Indlela yokuchaza
- Umlobi uvele achaze ubunjalo bomlingiswa ngokuchaza konke ngaye.
Isibonelo:
Uyambona nawe uSipho nobhebhenene lwentshebe olukhawula esifubeni. Usho ngamahlombekazi, ungafunga ukuthi uthwala izinsimbi, usozinyama woqobo. Iyagxatha injalo nje imakwabo, ivunyelwa eyayo imilenze. Ingabakweletisa abaningi uma kugijinywa.
Umlingiswa uchazwa nangabanye abalingiswa
- Kule ndlela, umlobi usebenzisa abanye abalingiswa ngokubheka indlela achazwe ngayo.
- Uyambona futhi nempilo ayiphilayo.
Isu lokuqamba amagama
- Umlobi lapha wetha abalingiswa bakhe abanikeze amagama ahambisana nezindawo zabo abazidlalayo endabeni.
Source: isiZulu Sethu Ibanga 12